Izindaba

Uhoxisiwe ummeli osolwa ngokutamuza imali yamakhasimende

NGEKE aphinde asebenze njengommeli obezitamuzela emalini yamakhasimende uma eseshonile.


Ummeli ozinze eGauteng, uNonhle “NN” Nkomonde, uhoxisiwe ohlwini lwabameli kulandela izinsolo zokuthi wasebenzisa budedengu izimali zamafa amakhasimende ashona.

INkantolo eNkulu yasePitoli isiqinisekisile isinqumo seLegal Practice Council (LPC), nokusho ukuwa okumangazayo kummeli owake wagqama.

Uphenyo luveze ukuthi uNkomonde kusolwa ukuthi wakhipha imali engaphezu kuka-R2 million yefa likaDkt David Frank Lubenga ongasekho wayifaka ku-akhawunti yakhe.

Usolwa ngokusebenzisa lezi zimali ukuthenga izindawo eziyisishiyagalombili eSoweto nase-Orange Farm ngo-2023.

Kwesinye isigameko, kubikwa ukuthi wadlulisela ubunikazi bomuzi wekhasimende elineminyaka engu-61 ubudala e-Orlando East, eSoweto, enkampanini yakhe yabameli ngaphandle kwemvume, wawudayisa ngo-R300 000.

I-LPC iveze ukuthi uNkomonde ubesebenza ngaphandle kweSitifiketi seFidelity Fund, okushiya amakhasimende engakwazi ukufuna isinxephezelo semali elahlekile. 


Iziphathimandla zichaze ukuziphatha kwakhe “njengokungafaneleki nobugebengu,” futhi manje ubhekene nokuvinjelwa unomphela ukuba enze umthetho.

Uphenyo lobugebengu mayelana nokukhwabanisa okungase kube khona, ukushushumbiswa kwemali, nokwebiwa komazisi kusaqhubeka.