Izindaba

Kukhalwa ngokukhinda kwabafundi baseNanda

ISIKOLE saseNanda eMachobeni Secondary sesizwakalalise ukukhathazeka ngokukhinda kwabafundi besifazane.

Kamuva, uthishanhloko uN.B Majozi waseMachobeni Secondary School, ubhalele abazali ngokukhathazeka ebacela ukuba bamlekelele ekuqinisekiseni ukuthi izingane zigqoka iziketi ezifika emadolweni.

Encwadini, uthe abafundi beza esikoleni begqoke iziketi ezimfishane kakhulu.

Ucele ukuthi abazali bathengele abafundi iziketi ezithe ukufika emadolweni uma bebona ukuthi abanazo zimfushane kakhulu.