Izindaba

Kumiswe isikhulu esithinteka ophenyweni lokubulawa kosopolitiki

UKHOMISHANA wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola usemise ngokusemthethweni ngokushesha iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke.   

ULieutenant-General Shadrack Sibiya umiswe isigubhukane ngenxa yokubhekana nezinsolo zobugebengu.


Lokhu kulandela ukubekwa kukaSibiya okokuqala ekhefini eliyisipesheli ngoJuly 2025, ngenxa yophenyo oluqhubekayo mayelana nezinsolo ezibucayi zokungaziphathi kahle. 


Ukumiswa kukaSibiya kukholakala ukuthi kuhlobene nezinsolo zokuthi uSibiya ugxambukele emsebenzini wethimba elibhekene nokubulawa kwabezepolitiki KwaZulu-Natal.


Izinsolo zithi uSibiya wazama ukuthi lolu phiko luhlakazwe.