Injabulo inkakha yomsakazi ijoyina iRise FM
YAMUKELWE ngezandla ezimhlophe inkakha yomsakazi kwiRise FM.
UMakhosi Khoza wamukelwe kulo msakazo ozinze eMpumalanga njengoba usumuqoke wangumphathi siteshi omusha.
Ukumenyezelwa kwakhe kujabulise abaningi ngenxa yamava akhe kule mboni.
Sekungumlando ukuthi uKhoza uke wasebenza kwi-East Coast radio, Radio 2000, Gagasi FM ne- English Channel.
Ngaphandle kwalokhu, uKhoza uhlonishwa ngenxa yekhono lakhe lokuheha abalaleli nokuqeqesha inqwaba ayabasakazi abathathwa njengabaphambili kuleli.
Namuhla, wethule inkulumo yakhe yokuqala kulo msakazo nethakaselwe ngabalaleli yabuyisa nethemba.

