Wonke amehlo athe njo kwiKhomishana kaMadlanga
SEKUBALWA amahora ngaphambi kokuthi iKhomishana kaMadlanga ephenya ngohlelo lwezobulungiswa kobugebengu iqale ngoLwesithathu.
Ngokwezinhlelo, uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, ungufakazi wokuqala ozokwethula ubufakazi.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko, okhulumela ikhomishana uJeremy Michaels ukuqinisekisile ukuthi umsebenzi uzoqala ngo-10 ekuseni ngosuku lokuqala bese kulandela njalo ngo-9:30 ekuseni.
UMichaels uphinde waqinisekisa ukuthi ukuhlala kwamalungu omphakathi eBrigitte Mabandla Justice College ePitoli kulinganiselwe kumakhulu amathathu.
“Abantu abazobe behambele bazobe behlezi ngokufika kuqala. Ngakho-ke, amalungu omphakathi kufanele afike kusenesikhathi uma efuna ukuthola izihlalo.
Esinye isizathu sokufika kusenesikhathi ukuthi kuzoba nezinyathelo eziqinile zokulawula ukungena futhi ngeke kuvunyelwe ukungena ngaphandle kwemvume.”

