I-UN isola abakwa-Israel ngokubhubhisa isizwe ngenhloso
UPHENYO oluzimele lweNhlangano Yezizwe Ezihlangene luphethe ngokuthi izwe lakwa-Israel lenze futhi liyaqhubeka nokubulala abantu basePalestine eGaza.
Ikhomishana ithole ukuthi uNdunankulu uBenjamin Netanyahu kanye nabanye abaholi abaphezulu bagqugquzele ukubulawa kwabantu.
Ikhomishana ibiphenya izehlakalo kusukela ngo-7 October 2023 nokuhlanganisa iminyaka emibili manje.
Iphinde yaphetha ngokuthi iziphathimandla zakwa-Israel kanye namabutho ezokuphepha akwa-Israel benze izenzo ezine kweziyisihlanu zokuqothula abantu.
Lezi zenzo ezichazwe yi-1948 Convention on the Prevention and Punishment of the Crime of Genocide, okungukuthi, ukubulala, okubangela ukulimala okukhulu ngokomzimba noma ngokwengqondo.
Ukubhujiswa ngamabomu kwabasePalestine noma ukuletha ukubhujiswa kwbo bonke, nokubeka izinyathelo ezihloselwe ukuvimbela ukuzalwa.

