UMokonyane uzongenela esobumengameli ngo-2027
IPHINI likaNobhala-Jikelele we-ANC, uNomvula Mokonyane, useveze ukuthi ucabanga ukungenela ukhetho lokuba ngumengameli we-ANC engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngo-2027.
UMokonyane uthe ukulungele ukuma uma ephakanyiswa, egqamisa ukubaluleka kokuthi abesifazane babambe iqhaza lobuholi ku-ANC.
Isimemezelo sakhe sisuse inkulumompikiswano phakathi kwezinhlaka zeqembu.Â
Ezinye izikhulu eziphezulu ze-ANC zisigxekile lesi senzo, zathi sishayisana nemigomo yeqembu edikibalisa ukuthi kusheshe kumenyezelwe abantu abazongenela ukhetho ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026.
UMokonyane uzojoyina uhlu olukhulayo lwabagaqele esobumengameli okuhlanganisa, uFikile Mbalula kanye nePhini likaMengameli uPaul Mashatile.

