I-EFF ivulele owe-Operation Dudula icala
I-EFF eGauteng ivulele i-Operation Dudula kanye nomholi wayo, uZandile Dabula, icala lokubulala esiteshini samaphoyisa e-Alexandra enyakatho neGoli.
Basola amalungu e-Operation Dudula ngokunqabela ukulashwa kwengane enonyaka ubudala yaseMalawi emtholampilo wendawo ngenyanga edlule.
Ngokwemibiko le ngane uPraise Banda yayigula kakhulu kanti yagcina ngokushona nokusolwa ukunqatshelwa njengesizathu.
I-EFF iphinde yasola ukuthi kunabantu abayisishiyagalombili baselapha eNingizimu Afrika abanqatshelwe ukwelashwa emtholampilo iJabavu eSoweto ngesonto eledlule.

