Ingebhe iZayoni zibanjwa inkunzi zisadumisa
ASALE ethuthumela amakholwa kulandela ukugasela kwezinswelaboya esamatasa edumisa.
Ibandla leZayoni iKingdom Catholic Church eWaterloo, KwaZulu-Natal liphazamisekile ngesikhathi kugulukudela abasolwa ababili abebehlomile ngezibhamu.
Umbiko webaqaphi bakwaReaction Unit South Africa (RUSA) uveze ukuthi kuthiwa abasolwa, abebegqoke ezimnyama bhuqe, bangene esontweni ngesikhathi kuqhubeka inkonzo ngezithuba zabo-21:00.
La madoda abeqhulula izibhamu. Bafune omakhalekhukhwini ebandleni, baqoqa abangu-46 ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko.
Akukacaci noma abasolwa babaleke ngezinyawo noma basebenzise imoto.
Ibandla belinamalungu awu-60 nokuhlanganisa izingane nabantu abadala.Abekho abantu abalimele.

