” UMchunu wadinwa ukuboshwa kwabasolwa ngokufa kukaMabhida” – Masemola
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe,wadinwa wagana unwabu ngokuboshwa kwabasolwa ngokufa kwekhansela.
Lokhu kuvele ngesikhathi uMasemola etshela iKhomishana kaMadlanga namuhla.
Uthe uSenzoi Mchunu kwakuthi akafe ngemuva kokuthi amaphoyisa ebophe abasolwa ababili ngokubulawa kukaKhansela Phendukani Mabhida wakumasipala waseMandeni.
Utshele ikhomishini kaMadlanga ukuthi wayeqala ngqa ukubona ungqongqoshe ethukuthelela amaphoyisa ngokwenza umsebenzi wawo ngokuzimisela.
Emuva kokuboshwa kwabasolwa, idokodo lathathwa yithimba eliphenya amacala okubulalana kwezombusazwe, nokuyinto eyamcasula nakakhulu uMchunu.
Uqhube wathi ngesikhathi uJenene Shadrack Sibiya ethatha amadokodo angu-121 ethimba elalijutshwe ukuphenya ngokubulalana kwezombusazwe wawayisa ePitoli, ethi ulandela umyalelo kaMchunu.

