Unqatshelwe ibheyili umholi obhekene nelokufa kukaMagaqa
INKANTOLO yeMantshi yaseMzimkhulu inqabele ibheyili owayeyimenenja kamasipala waseMzimkhulu osolwa ecaleni lokubulala owayenguNobhala wophiko lwentsha ye-ANC, uSindiso Magaqa.
UZweliphansi Stanley Skhosana (55) uvele enkantolo ngoLwesibili lapho ebhekene namacala amaningi, okubalwa kuwo elokubopha itulo lokubulala, elokubulala, ukutholakala nesibhamu esingavumelekile, ukutholakala nezinhlamvu okungekho emthethweni nelokuphula umthetho.
IIMantshi ithe uSkhosana uhlulekile ukuveza ubufakazi obuthile obumgunyaza ukuthi akhululwe ngebheyili.
” Ngaphezu kwalokho, inkantolo ithe uSkhosana akazange akhombise ukuthi ukukhululwa kwakhe ngebheyili kuhambisana nobulungiswa,” kusho uNatasha Ramkisson-Kara, okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA).
USkhosana waboshwa okokuqala ngo-2018 ehamba nemeya yaseMzimkhulu engasekho, usomabhizinisi, ababili ababengamaphoyisa noshayasibhamu owaziwayo, kodwa udaba lwabhuntsha ngaleso sikhathi.
Uphinde waboshwa ngoJulyi eMalvern, eGoli.
Icala lihlehliselwe u-October 6, kanti uzohlangana nabanye ababili abasolwa nabo kulolu daba, uSbonelo Myeza noMbulelo Mpofana.

