I-PA isonga ukulaxaza i-GNU
UKUNGABONI ngaso linye kwePatriotic Alliance (PA) ne-African National Congress (ANC) edolobheni laseGoli kungase kuholele ekuphumeni kweqembu kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU).
Umholi we-PA uGayton McKenzie, osebenza kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) njengoNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, wesabise ngokuthi uzohoxa kuwo wonke amadlelandawonye ngaphandle uma uKenny Kunene ebuyiselwa ekomidini lemeya yaseGoli.
UKunene, iPhini likaMengameli weqembu, naye ukuqinisekisile ukuthi iqembu licabanga ukuhoxa ku-GNU nanoma yimuphi uhulumeni wobumbano lwezifundazwe.
UKunene wasuswa ekomitini leMeya yi-PA ngemuva kokutholakala emzini kaKatiso ‘KT’ Molefe eSandton ngesikhathi amaphoyisa efika ezobopha lo somabhizinisi ngoJuly.
Uphenyo oluzimele selukhiphe phambili uKunene lwathi umsulwa, ngakho iPA ithi akaphinde aqokwe, uma kungenjalo bazoyishiya iGNU.
UKunene kanye neqembu basole iMeya yaseGoli, uDada Morero ngokuphambanisa lolu hlelo nokwehluleka ukwenza lula ukubuyiswa kwakhe.
“Bonke labo abasebenzisana ne-ANC, noma ngabe owesifundazwe, owasekhaya, kuzwelonke, kuhlanganisa nomengameli wethu njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko. Sizobe sesiphuma kwi-GNU, siphuma ku-GLU siphume kwiGPU.”
Le nhlangano ithi i-ANC eGoli inezinsuku eziyisikhombisa zokuqoka kabusha uKunene uma ifuna ukugcina imifelandawonye yayo.

