Kushode imali yebheyili kobhekene nelokudayisa izicubu zabantu
USHODE ngemali yebheyili umsebenzi wasesibhedlela oboshwe ngezinsolo zokuzama ukudayisa umzanyana.
URose Nomvula Mnisi unikezwe ibheyili ka-R10 000 yiNkantolo yeMantshi yaseMashishing namuhla kodwa wangakwazi ukuyikhokha.
Umsolwa ongumsebenzi wesifazane waseLydenburg ubhekene necala lokudayisa izicubu zomuntu usazogqunywa ejele ngenxa yokungabi namali yokukhokha.
UMnisi (39) uboshwe ngamaphoyisa ngesikhathi ezama ukudayisa ama-placentas abantu ngoSepthemba 17.
Ngokombiko wamaphoyisa uMnisi uvele eNkantolo yeMantshi yaseLydenburg ukuze afake isicelo sebheyili.
Uzophinda avele enkantolo ngo-October 3.

