Ezokokungcebeleka

Kuyaphela ngomdlalo iScandal ku-e.tv

ISITESHI sethelevishini i-e.tv imemezele ukuthi kuyaphela ngomdlalo iScandal!.

Lo mdlalo osusakazwe iminyaka engu-20 uzokhonjiswa okokugcina ekupheleni kukaJuni 2026.


Lokhu kungenxa yokuthwala kanzima ezinyangeni ezisanda kwedlula ukugcina ababukeli.

“Isimo sethelevishini esishintsha njalo sidinga abasakazi ukuthi bahlale bebuyekeza zonke izinhlelo. Sikholwa wukuthi iScandal sesifinyelele eekugcineni,” kusho isitatimende sika-e.tv.


Abakwa-etv babonge inkampani edidiyelayo lomdlalo i-Ocher Moving Pictures, ekhiqize lo mdlalo kusukela ngo-2008, kanye nabalingisi, abasebenzi, ababhali, abaqondisi, abadidiyeli nochwepheshe.