Izindaba

I-ANC YL igxeka ilungu elihlambalaze owesifazane elalimthanda

UPHIKO lwentsha ye-ANC esifundeni iMzala Nxumalo ifuna lithathele izinyathelo ilungu lesigungu esiphezulu KwaZulu-Natal elisolwa ngokuhlambalaza owesifazane elalithandana naye.

UNhloso “Mpisi” Gwala (owayedume ngelikaNhloso Zulu) ugxekwe ngemuva kokuvela kwe-video yakhe ekhuluma amazwi alumelayo ebhekise kulowo ayethandana naye.

Kwi-video, uGwala ubonakala ezama ukubuyisa ngenkani lo wesifazane ngakuyena yize esenesithandwa esisha. 

Le mizamo ebonakala ingaphumeleli iyamdina nokwenza agcine esethuka lo wesifazane ngokuthi akaziphethe kahle.

UGwala uke wasematheni ngomunye umsindo othinta ukungabahloniphi abesifazane njengoba ngasekupheleni konyaka odlule ethumele izwi kumlingani wesifazane wambiza ngomqwayizi onengculaza ongazi lutho kwezombusazwe.


Lesi sihlava sigqugquzelwe ukuthi iqabane lesifazane libe nombono ophambene ngokuthi ngubani okumele aqokelwe kwiPEC.