Izindaba

Isimanga kuboshwa obondlisa indoda ingane yomqashi

AMAPHOYISA asebophe owesifazane obhekene necala lokuntshontsha ingane enezinyanga eziwu-9.


Umsolwa kuthiwa ubeqashiwe emzini oseThekwini nokuyilapho ebegada khona lengane.


Izolo unina wengane uthuke woma ebuya emsebenzini umzanyana engekho nengane.

Kuthe uma efonelwa umsolwa, wathi ukubo eMpangeni akayintshontrshile ingane uma unina efuna ingane yakhe akeze azoyilanda.


Unina wengane uvule icala lokuthunjwa kwengane yakhe nokwenze amaphoyisa anikele eMpangeni amthola nayo ingane, waseboshwa.

Kube sekuvela izinsolo zokuthi umsolwa kunendoda yakhona eMpangeni abeyondlisa le ngane uR2,500 ngenyanga ethi ngeyabo bobabili.

Ukuphoqwa yindoda ifuna ukubona ingane yikhona okwenze ukuthi ahambe nengane yomqashi wakhe aye eMpangeni.

Umsolwa uzovela kusasa enkantolo.