Indida ngokushona kowayengungqongqoshe wamaphoyisa ehhotela
OWAYENGU Ngqongqoshe wamaPhoyisa, uNathi Mthethwa, utholakale eshonile ehhotela eliseParis, eFrance.
Lezi zindaba zibikwe yiphephandaba iMirror yase-United Kingdom, ngokudlula kukaMthethwa obeyinxusa laseNingizimu Afrika eFrance.
Lo mbiko uqhuba uveza ukuthi uMthethwa uqale ngokunyamalala isikhashana.
Kukholakala ukuthi ushone ngokuthanqazeka esuka esitezi sesi-22 ehhotela eliphambili iHyatt.
Igama lakhe lisanda kuphuma kwikhomishini kaMadlanga ngesikhathi ubufakazi uLt General Nhlanhla Mkhwanazi lapho kuthiwa wazama ukuvikela uMnuz Richard Mdluli ekushushisweni.

