Izindaba

Luya ngokuqonga udaba lukaNgizwe nezitabane

UNGIZWE Mchunu uthi kuzochitheka izishebo mayelana nodaba lwabobulili obubodwa abathandayo.


Kwi-video yakamuva enoNgizwe ekhuluma ngalolu daba olusematheni lokugxeka ukwanda kwezitabane nokugqoka kwazo imvunulo yesintu, uthi akahlehli.


Umsindo bngalolu daba usudale ukuthi abikwe kwiKhomishana Yamalungelo abantu kuleli.


Nakuba kunjalo kodwa ubukeka ezimisele ukuyilwa le ndaba.


Kamuva nje uthi ngisho kunganomcimbi la kushada khona ababili abangaphansi kwayo i-LGBTQI yena namabhinca bayokwenza konke okusemandleni ukuyoxoxa nalabo uma nje beswenke ngemvunulo yakwaZulu.