Izindaba

Uzame ukuzibulala umlisa owalwe yintombi

UZAME ukuzibulala ngokuphuza ikhemikhali yokugeza upende umlisa owaliwe.

Umlisa oneminyaka ewu-26 uyelulama esibhedlela ngemuva kokuphuza itinasi kulandela ukwaliwa yintombi ebimala.

Umbiko weReaction Unit South Africa (RUSA) uthe onogada afike lakuhlala khona lomlisa kukhiyiwe ekameleni aqashe kulona ngemuva kokuthola imibiko ngalesi sigameko.

Ngokusho kwentombi yakhe, umlisa ngokuqeda ngempilo yakhe ngenxa yokwaliwa.


Kubikwa ukuthi uziqophe ephuza itinasi ewu-1 litre.

Ababone ivideo bazise intombi ephuthume yayokwephula isicabha yamthola elele phansi nebhodlela eduze kwakhe.


Ube esephuthunyiswa emtholampilo kanti uyalulama.