Izindaba

Kuboshwe ababhikishela ukugqokwa kwemvunulo yizitabane

OZIBIZA ngoMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu useveze ukuthi kuboshwe abantu abangu-12 embhkishweni abewuhola kwamai Mai eGoli.


UNgizwe uveze lokhu nje kulandela ukuthi ememezele ukuthi yena nezinsizwa bazobhikishela ukugqokwa kwemvunu;lo yesintu ngendlela abangahambisani nayo.


Kulo mbikosho, uNgizwe ubehambisana nenqwaba yezinsizwa ezimesekayo nezishaya amakhala ngokugqokwa kwemvunulo yakwaZulu yizitabane.


Phakathi kwezinto ezibalwe uNgizwe kube wukugqokwa kwemvunulo yizitabane nokuyinto athe iphambene nokuhlonipha ibheshu.


Kumanje lolu daba lubikwe kwiKhomishana yamaLungelo Abantu njengoba kukhona abayigxekayo inkulumo yakhe.Â