Izindaba

Indoda ibulale ishende lomkayo maqede yazibulala nayo

INDODA idubule enye eyibambe oqotsheni nonkosikazi wayo emzini wayo.


Lesi sehlakalo esishaqise abaningi siphethe kabi njengoba le ndoda igcine ngokuzibulala nayo ngokuzidubula.


Ngokombiko wabezindaba iMDN News, umninimuzi usheshe wabuya ekhaya wazithela phezu kukankosikazi wakhe enendoda eMatsamahinkanu, eLulekani, entathakusa.

Kusolwa ukuthi le nsizwa eficwe endlini ibithandana nonkosikazi kamsolwa.

Ngokudinwa, umsolwa udubula ishende lashona. Kuthiwa umninimuzi ube eseshiya unkosikazi wakhe engenamyocu. 


Kubikwa ukuthi uhambe waya la kuhlala khona unina, lapho afike wazibulalela khona.

Umphakathi usale ubambe ongezansi njengoba iziphathimandla ziphenya ngezimo ezithinta lesi sigameko.