Izindaba

Kuboshwe osolwa ngokuqola inqwaba yabantu eHammarsdale

SELUSEZANDLENI zamaphoyisa udaba lowesifazane osolwa ngokuqola inqwaba yabantu ebathembisa imisebenzi.

Okwamanje balinganiselwa kwabayisishiyagalombili abantu abasola uSilindile Mkhize waseMpumalanga Township eHammarsdale ngokubaqola izishaqane zemali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uluqinisekisile udaba.


Uthe ” Amaphoyisa aseMpumalanga abophe umsolwa oneminyaka engu-34 ubudala ngecala lokweba ngokuqamba amanga.”

Uthe umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseMpumalanga ngoLwesihlanu icala lahlehlela usuku lwayizolo ngoMsombuluko.

Imibiko iveza ukuthi isisulu sathenjiswa ukuqashwa ngumsolwa owamyalela ukuthi afake isamba semali ku-akhawunti yakhe. 

Ngokuhamba kwesikhathi uthole ukuthi ubanjiswe isisila sehobhe.


Nakuba kusavulwe icala elilodwa kodwa baningi abakhala ngalo msolwa kanti bathi ubebakhokhisa imali okuthi umuntu ngamunye uma eyihlangnanisa ifike ku-R20,000