Ubufakazi bukaMkhwanazi buveze okushaqisayo ngeCOPE
KUSHAQEKE abaningi kuvela izinsolo zobudlelwane beqembu lepolitiki iiCongress of the People (COPE) namaphoyisa ebufakazini obethulwe phambi kwekomidi le-Ad Hoc lePhalamende.
ULietenant General Nhlanhla Mkhwanazi udalule ukuthi kube nesikhathi lapho ojenene bamaphoyisa bebenxenxa amalungu amaphoyisa ukuthi ajoyine iqembu lezepolitiki iCongress of the People (COPE).
Okushaqisayo ukuthi lokhu bekwenzeka emagcekeni amaphoyisa.
Uchaze lesi sikhathi njengesishaqisayo embuthweni.
Uqhube wathi ngemva kokusungulwa kwe-COPE, amaphoyisa aphezulu aqala ukubizana ngokuthi “comrade,” okubonisa ukungenelwa kwezepolitiki kombutho wamaphoyisa okwakungakaze kubonwe ngaphambili.

