Izindaba

Umsunguli weMK Labour Desk ukhala ngoqhekeko eqenjini

UKHALA  ngabazama ukumephuca uMkhonto WeSizwe Labour Desk umholi othi yasungulwa nguye.

UMbhishobhi uTimothy Ngcobo oyilungu leqembu loMkhonto WesiZwe ubonakala kwi-video  esabalele ezinkundleni zokuqhumana lapho eveza ukuthi uselubike emazingeni aphezulu lolu daba ngenxa yokukhathazeka.


Uveze ukuthi kuningi okubuyisela leli qembu nokudala uqhekeko ebuholini beqembu nakholwa wukuthi yinto okufanele isukunyelwe ngokushesha.

Uthe konke lokhu kubuyisela iqembu emuva nomsebenzi okufanele engabe uyenziwa esizweni.


UNgcobo uthe laba abazama ukumephuca leli qatha abakhohlwe ngoba ngeke balunge futhi ngeke awushiye uMkhonto Wesizwe uyohlala eyiwo ngisho bengamxosha.