Isikhulu ehhovisi lamaphoyisa sisola uMkhwanazi ngokuqamba amanga
OYISIKHULU ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uCedrick Nkabinde usole uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ngokusenga ezimithiyo.
UNkabinde usho lokhu njengoba ebenesithangamu sabezindaba ezothulula amakati esakeni kulandfela ukuvela kwegama lakhe ebufakazini obethulwe nguKhomishana wakwaZulu-Natal uLietenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UNkabinde uthe yena umsolwa ngokunjalo noNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe uSenzo Mchunu.
Uthe uMkhwanazi ubengumngani umkhulu wakhe futhi ubeke avakashele ngisho emizini yabo.
Uphinde waveza ukuthi kokunye bebejuxuza ndawonye kwezobumnandi ngendlela abazana ngayo bevakasehlana nasemsebenzini ngendlela abebesondelene ngayo.
UNkabinde usole uMkhwanazi ngokumqambela amanga nakholwa wukuthi lokhu kungenxa yokuxakeka okukhona ohlangothini lukaMkhwanazi njengoba efakaze ngokuthi waqashwa uMchunu kade engasebenzi.

