Izindaba

Udilikajele kumalume obelala umshana ona-6

UGWETSHWE Udilikajele owesilisa ngecala lokudlwengula ingane kadadewabo.

INkantolo Yesifunda yaseMitchells Plain igwebe udilikajele indoda ebisidlwengule ingane encane iyisabisa ngokuyibulala uma ike yathi vu.

Inkantolo izwe ukuthi le ndoda ibisekwenze lokhu kusukela ingane ineminyaka eyisithupha njengoba isineminyaka engu-15 manje.

Ngenxa yalo mlando le ndoda ilahlwe amacala ayishumi okudlwengula.

Inkantolo ilalele ubufakazi obuveze ukuthi lendoda ukukhohlakala ngosuku unkosikazi wayo kanye nabazali besisulu besemcimbini wesonto. 

Ngalobo busuku isisulu sasibuka ithelevishini, umsolwa wasithatha wasikhumula wasidlwengula. Kusukela ngalolo suku ubesezenzela elala ingane eyisabisa ngokuyibulala.

UMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi eWestern Cape, u-Adv Nicolette Bell, usamukele isigwebo futhi washayela ihlombe ithimba labaphenyi kanye nabashushisi ngomsebenzi wabo wokuqinisekisa ubulungiswa kwisisulu esahlukunyezwa ngesihluku esikhulu sisemncane kakhulu.