Lihlehlile icala labasolwa ngokubulala uMagaqa
LIHLEHLELE inyanga ezayo icala labasolwa ngokubulala owayenguNobhala Jikelele wophiko lwentsha ye-ANC.
UZweliphansi Stanley Skhosana uvele okokuqala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kuleli sonto ehambisana noSbonelo Myeza noMbulelo Mpofana.Â
Laba bobathathu babhekene necala lokubulala uSindiso Jethro Magaqa.Â
UMagaqa wabulawa ngoJuly 2017 eMzimkhulu.
Babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, ukubulala, ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukulimaza impahla ngenkohlakalo.

