Izindaba

Kulindekele izinkumbi zabantu kufihlwa uNathi Mthethwa

SEBEQALILE ukutheleka abantu enkonzweni yomngwabo yobeyinxusa lakuleli eFrance uNathi Mthethwa.

Le nkonzo yomgcwabo izobanjelwa enkundleni yezemidlalo eDondotha KwesakwaMthethwa kanti uzofihlwa emathuneni  asekhaya Embabe.

Umngcwabo kaMthethwa kubhekwe uhanjelwe yizicukuthwane ikakhuluakazi zakwahulumeni nabombutho abeyilungu lawo i-ANC.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthethwa uhambe emhlambeni ngendlela eshaqe abaningi ethanqazeka ebhilidini lehhotela iHyatt eFrance.

Elakuleli libe selijuba abaphenyi ukuba bayobambisana nabaseFrance ukuphenyisisa ukuthi akubanga khona mkhonyovu yini ekufeni kwakhe.