Izindaba

Kuthungathwa ababulale amaphoyisa eMthwalume

UPHIKO loKlebe seluqale uphenyo kulandela ukubulawa kwephoyisa kanye nowayeyiphoyisa phambilini oGwini oluseNingizimu Kwazulu-Natal.

Womabili la madoda atholwe eduze kwemoto eyi-SUV eMthwalume emzini  kamufi pwake wayiphiyoyisa.

Ngokombiko wamaphoyisa umufi wokuqala lo obengaselona iphoyisa, wayengusayitsheni esiteshini eHibberdene kanti  udutshulwe ekhanda amahlandla amaningi.

Umufi osesayiphoyisa phoyisa elalinaye lishaywe emzimbeni nasekhanda.

Kukholakala ukuthi abahlaseli badubule ngaphezu kwezinhlamvu ezingu-16 bebhekise kubo.

Nakuba bebulewe laba ababili kodwa akuthathwanga lutho lwabo njengoba amafoni nemali enkulu ebikhona kungathathwanga.