Izindaba

Kugingqike itekisi kwalimala abafundi abangu-18

SEKULIMALE kanzima abafundi abangu-18 okukholakala ukuthi ngabaseMpumalanga Township, eHammarsdale abebelibangise esikoleni.

Ingozi yokuphenduka kabi kwetekisi elinesitikha soMalume baseMpumalanga Township sibonakala sigqamile etekisini ebe sengozini kuN3 ngaseMarianhill namuhla ekuseni.

Ngokwemibiko esavele kwabosizo lokuqala be-ALS Paramedics Medical Services bafike ngesikhathi isimo sisibo abafundi nomshayeli belimele.

Babize abanye ama-ambulensi ukuzosiza  baphinda bavala uhlangothi lomgwaqo obelulimele ukugwema umonakalo.

“Bangu 18  abalimalile abanye bathole imihuzuko kwathi abanye balimala kabana. Bonke baphuthunyiswe ezibhedlele eziseduze ukuthiola usizo,” kusho Garrith Jamieson okhulumela abosizo lokuqala i-ALS Paramedics Medical Services.

Okwamanje amaphoyisa asaphenya imbangela yengozi.