Izindaba

Kusolwa indoda yePolo ngokubulala iphoyisa

KUPHUME isidumbu sephoyisa kubangwa ukudlulisana emgwaqeni.


Ngokombiko wamaphoyisa, iphoyisa ebelingekho emsebenzini uSboniso Ngidi  oyingxenye yeSAPS Crime Intelligence ubeshayela eChestnut Crescent, eMariannhill ngoLwesihlanu ngesikhathi ebona iVW Polo ebime emgwaqeni ivimbeze ukuthi adlule.


Umshayeli wePolo ubechama eduze kwesihlahla.


UConstable Ngidi ucele le umshayeli ukuthi isuse imoto yayo ukuze adlule kodwa  yathi iphoyisa alilinde lize liqede.


Kuthiwa kube nokujikijelana ngamazwi, umshayeli wemoto wasondela kuNgidi wakhipha isibhamu wadubula.


Ngemuva kokudubula kuthiwa umsolwa uphindele emotweni yakhe wabaleka, washiya uNgidi eshonile esihlalweni somshayeli.


Obesemotweni ehaba nephoyisa ulisusile esihlalweni somshayeli waliphuthumisa esibhedlela kodwa kwabikwa ukuthi selishonile ngenxa yamanxeba okudutshulwa akwesingenhla emzimbeni.