Umculi kaMaskandi ubhekene namacala okubulala
ISILOMO somculi kamaskandi sithweswe amacala amane yinkanyolo emantshi eNquthu.
UDlubheke Khuzwayo (31) ubekwe lamacala okukhona kuwona amabili okungawokubulala namabili okuzama ukubulala.
Lama cala kuthiwa enzeka ngo-2023 eNquthu nokuyilapho kwabulawa khona amalungu omndeni wakwaSithole.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uLt Colonel Paul Magwaza uthe : “Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe owesilisa oneminyaka engu-31 ngamacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala, enzeka ngoNovember 12 2023.
” Izisulu ezine zazihamba ngemoto emhlophe ziphuma eNtinini eBabanango zilibangise emakhaya, ngesikhathi bedlula eMpukunyoni zavinjwa umsolwa.”
Icala lihlehlisele uMsombuluko ozayo nokuyilapho umsolwa ezofaka isicelo sokulalelwa kwebheyili.

