Izindaba

Amaphoyisa adubule abebefunelwa amacala abucayi

KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa ababili okukholakakala ukuthi bebefunelwa ukubanjwa kwezimoto zemali eWaterfall.


Ngokombiko osavele, kuthiwa laba ababili bebehlomile ngesikhathi amaphoyisa ezama ukusondela kanti izigebengu zizogadla kuqala.

Laba balisa bebefunwa ngecala lokuphanga kanti umkhondo wamaphoyisa ubakhombe endaweni yomtakabani nokusolwa ukuthi bebecashe khona.


Abasolwa kuvele ukuthi babe wukuzwa ukuthi kukhona amaphoyisa bangapholisa maseko bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.


Kutholwe izibhamu neziqhumane ngaphakathi kulolu phiko.