Izindaba

Kuboshwe umalume ngokubulawa ngesihluku komshana

KUBIKWA ukuthi sekuboshwe umalume nezingane zakhe ezimbili ngokubulala umshana.


Lesi sehlakalo esishaqise abaningi senzeke kwaMashu, kuthiwa umalume ukhwele wadilika kuSphiwe ‘Mapi’ Ndlanzi kulandela ukumsola ngokuntshontsha isibhamu sakhe.

Ngokwemibiko kuthiwa uSphiwe wake wayiphara esikhathini esedlule kodwa ubesemsulwa esesindisiwe engasabulokothi notshwala.


Kubikwa ukuthi yize kunjalo kodwa umalume ube wukungasitholi isibhamu sakhe wasola uSphiwe ngokusibamba nakuba besekuvele ukuthi empeleni usinike othile ukuba amphathele.


Kuthiwa ngokubambisana nendodakazi nendodana yakhe, umalume ushaye kwaphuma umphefumulo kumufi.


Ngemuva kwesehlakalo isibhamu sitholakale ejoyintini nokukholakala ukuthi sishiywe khona nguye umalume.