Uthisha ezinsolweni zokuphoqa izingane ukudayisa ngomzimba
UVELE phambi kwenkantolo namuhla uthisha ngezinsolo zokushushumbiswa kwabantu nokuba mdibi nabadayisisa abantu ngomzimba.
Uthisha wase-East London, uVuyokazi Gana (52) uboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe oluphenya ngobugebengu obuhleliwe ngezinsolo zokushushumbiswa kwabantu nokudayisa ngomzimba.
Umsolwa uboshwe izolo kulandela uphenyo oluthathe unyaka wonke ngemibiko yokuthi uVuyokazi ubelutha amantommbazane akuQumbu, eMthatha, naseNgqeleni aphinde awaphoqe ukuba adayise ngomzimba e-East London.
Ngokusho koKlebe, izisulu bezithuthelwa kwaVuyokazi, lapho kusolwa ukuthi ziphoqeleke ukuba zenze ucansi namakhasimende.Â
Leli cala lihlehlele uLwesithathu oluzayo ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili kanti kumanje ugcinwe esitokisini.

