EzokokungcebelekaIzindaba

Abehhotela elibalwe kwiKhomishini baphawula ngoLerato Kganyago

ABAPHATHI bendawo yomacaphunakusale i-Hillel Villa & Spa Hotel sebephawule ngokumataniswa kwayo nosaziwayo uLerato Kganyago.


Lokhu kulandela ukuvela kwegama lale ndawo kwiKhomishini kaMadlanga kuleli sonto.


Esitatimendeni esikhishiwe abaphathi bale ndawo bathi uLerato akaseyena umnikazi we-12 On Hillel Villa & Spa.


“ULerato Kganyago akayena umnikazi we-12 On Hillel Villa & Spa, futhi akanantshisekelo yobunikazi kule ndawo,” kusho isitatimende.


Ngo-2022 lomsakazi weMetro FM wamemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi le ndawo ithi yena kanti imibhalo esho lokhu isekhona namanje ku-X.