Izindaba

Malema: ” Ayikho inkulumo kaMkhwanazi esabisa uMchunu”

KUHLALE obala ukuthi ayikho inkulumo eqoshiwe eyenziwa lapho uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ayesabisa khona ungqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe emsebenzini.


Lokhu kugcizelelwe yikomidi lapho uSenzo Mchunu ethula khona ubufakazi khona.

UMchunu ubeveze ukuthi wasatshiswa uLt General Mkhwanazi enkulumweni eyaqoshwa ngesikhathi umsebenzi wasehhovisi likaMchunu enengxoxo noMkhwanazi.

Nokho kuhlalukile ukuthi uMchunu uphaphalazile njengoba ingekho lenkulumo.  

Lokhu kudale ukuthi uSihlalo waleli Komidi avume ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema ethi ikomidi alikubhale phansi ukuthi ayikho nhlobo inkulumo esabisa uMchunu.