Ugwetshiwe ummeli ozame ukugwazela umshushisi
KUGWETSHWE uqweqwe lommeli ngokuzama ukugwaza ngemali engu-R50,000
U-Advocate Phuthi Given Mothemane (38) ugwesthwe iminyaka eyisishiyagalolunye ejele, ilengiswe iminyaka emihlanu nemibandela, neminyaka emithathu yokuqondisa izigwegwe eNkantolo yesiFunda yaseBellville.
Iphephandaba iDaily Voice, ibike ukuthi ukugwetshwa kwakhe kulandela ukulahlwa yicala ngoJune nonyaka.
Ngokusho koKlebe, leli cala lisukela esigamekweni sangoSeptember 2022 lapho uMothemane azama ukugwaza kwisikhulu seNational Prosecuting Authority (NPA) ngo-R50 000.
Lokhu wayekwenzela ukuthi isikhulu sihambise izethulo ezivuna ikhasimende lakhe futhi icala loMbuso linyamalale.

