UZuma ubhekene nezindleko zecala zika-R28.9 million
INKANTOLO eNkulu yasePitoli iyalele owayengumengameli kanye nomholi weqembu le-MK uJacob Zuma ukuthi akhokhe imali engaphezulu kuka-R28.9-million yezindleko zomthetho ezixhaswe nguhulumeni.
Isinqumo siphinde sivumele ukuthi kufakwe pgakathi kulezi zindleko nempesheni yakhe ukuze kukhokhwe sonke isikweletu.
Izimali zakhe zomthetho zihlobene necala lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa eselinesikhathi eside lihambisana nesivumelwano sezikhali sango-1999.
UZuma unikwe izinsuku ezingu-60 ukuba akhokhe lesi sikweletu kantiu uma ehluleka kungase kudliwe impahla yakhe.
Kushaye isikhathi sokuloba uZuma engakaphefumuli ngalesi sinqumo esiyingqophamlando ukuthi sinikwe oke wangumengameli wezwe.

