EzokokungcebelekaIzindaba

” Amaphoyisa ayekholwa wukuthi u-Anele Tembe wabulawa” – Cele

UBHEKI Cele uveze ukuthi amaphoyisa ayekholwa wukuthi indodakazi kasomabhizinisi waseThekwini eyayiyingoduso ka-AKA, yabulawa.

UBHEKI Cele uveze ukuthi amaphoyisa ayekholwa wukuthi indodakazi kasomabhizinisi waseThekwini eyayiyingoduso kamrepha u-AKA, yabulawa.

UCele ukusho lokhu ethula ubufakazi phambi kwephalamende lesikhashana eliphenya ngenkohlakalo kulandela inkulumo eyenziwa nguLiet General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6 kulo nyaka.

Uthe ophenyweni olwenziwa amaphoyisa ngemuva kwesigameko sokuwa ebhilidini kuka-Anele Tembe oyindodakazi kaMoses Tembe, aphetha ngokuthi wayebulewe.

” Ngaze ngaya kumengameli wezwe ngaleso sikhathi ngayothi kuyena ngathi ungqongqoshe wakho wamaphoyisa kunokuthile akwenzayo,” kusho uCele.

Uthi lokhu kungenxa yokuthi umshushisi wayengafuni ukukhipha incwadi egunyaza ukushushiswa ngasese nokuyisa leli cala enkantolo.