Lidaza inkani ijaji elisolwa ngokugwazelwa
LENQABILE ukuma emsebenzini ijaji elisanda kubalwa kwiKhomishana kaMadlanga.
UJustice Abrey Ledwaba utshele uChief Justice Mandlisa Maya ukuthi ngeke akwazi ukuma emsebenzini kunalokho uzoqhubeka.
Lokhu kulandela ukuthi uFakazi A esole leli jaji ngokuthi kungenzeka ukuthi lathola intshontsho lika-R2.5 million wokugwazelwa.
Ngokusho kwalofakazi ongumphenyi wamacala anzima, lokhu kwakungenxa yokuthi lemali yayikhokhelwa ukuthi osolwa ngokubulala uKatiso KT Molefe athole ibheyili.
UJustice Ledwaba uyaziphika lezi zinsolo futhi ufisa ukuyoziphendulela kwiKhomishini kaMadlanga ngasolwa ngakho.

