Injabulo kugwetshwa owabulala inkosi yakwaXimba
UGWETSHWE iminyaka engu-15 owabulala iNkosi yakwaXimba eMkhambathini.
INkosi uZIbuse Mlaba wadutshulwa wabulawa eCato Ridge ngo-October 2021.
NgoLwesihlanu iNkantolo yeMantshi yaseCamperdown igwebe uNhlanhla Hlongwa ngaleli cala.
Kuthiwa uMlaba wabulawa ngemiyalelo yomzala wakhe, uMzamo Mlaba, kulokho okukholakala kuhlangenene nombango womhlaba.
Kuleli cala kukholakala ukuthi uMzamo ungungqondongqondo kanti lokhu kuphinde kwafakazelwa nanguHlongwa olivumile icala lakhe kulolu daba.
Ithimba labaphenyi bamaphoyisa abanolwazi ePKTT liphinde laveza ubuhlakani nokuzinikela lisombulula leli cala ngempumelelo.
UMzamo, umsolwa oyinhloko, kulindeleke ukuthi avele enkantolo yedwa ngoNovember.

