Kuxwayiswa ngabaqoqa iminikelo kaZuma
KUXWAYISWA ngabantu abaqoqa iminikelo besebenzisa igama likamengameli woMkhonto WeSizwe Party yize bengagunyaziwe.
IJacob Zuma Foundation isikhiphe isitatimende esixwayisa umphakathi ngabantu abasebenzisa amaphepha amadala ayesetshenziswa ukuqoqa iminikelo yamacala womholi weMK Part uJacob Zuma.
Lokhu kwenzeka nje kuleli sonto eliphelile uZuma uyalelwe yiNkantolo yasePitoli sokuthi akhokhe izindleko ezilinganiselwa ku-R28.9 million.
Isitatimende sithe nakuba inhloso nombono walabo kukuhle kodwa okwamanje iJZ Foundation ibingakagunyazi muntu ukuba lomsebenzi wenziwe.
Mayelana nalokhu, uZuma akakaphawuli ngesinqumo senkantolo futhi akakamemezeli ukuthi yisiphi isinyathelo azosithatha kuze kube ubhunga nethimba labameli bakhe.

