Izindaba

AbakwaDlamini bacacisa ngombiko othinta iwele

UYISE wamawele akwaDlamini alimale ekhalakathela ekheshini leflethi eThekwini uselungise iphutha eselisabalele ngewele elisesibhedlela.


UKhaya Dlamini ucacisele umphakathi ukuthi u-Aphile Dlamini usalele esibhedlela futhi uyaphila.

” U-Aphile uyaphila, ngibuya esbhedlela. Iphepha lenze iphutha,” usho kanje uDlamini.


Lokhu kulandela ukusabalalal kwamahlebezi okuthi u-Aphile usedlulile emhlabeni.


Ngempelasonto edlule kudlule emhlabeni iwele lomfana u-Aphele nofihlwe ngempelasonto esivela kuyona.


Lesi sehlakalo esenzeke ebhilidini iHomii eThekwini sicasule abaningi ngenxa yokungasukumi kwabanikazi bebhilidi ngendlela.


Lokhu kudale ukuthi umphakathi ubhikishe namuhla ukhala ngokudoxozela kwabanikazi bebhilidi njengoba kuvela ukuthi akuqali ukuthi kushone umuntu kulona.