Zimkhalele osolwa ngokubulala abesifazane ngesihluku
INDODA eneminyaka engu-38 ubudala iboshiwe mayelana nokubulawa kwabesifazane ababili abasebasha eMamelodi, empumalanga yePitoli, ngempelasonto.
UTshiamo noBaleseng Moramaga batholakale bedutshulwe babulawa ekuseni ngeSonto.
Amaphoyisa aveze ukuthi isisulu sesithathu naso sidutshulwe ngesikhathi sesigameko kodwa sasinda.
Umsolwa, oneminyaka engu-38 ubudala, ubekwe amacala amabili okubulala nokuzama ukukubulala.
Umsolwa uboshwe esiteshini sasePitoli kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMamelodi ngoLwesithathu.

