Kusolwa amaphoyisa mbumbulu ngokuhlasela umuzi kaMseleku
KUBIKWA ukuthi uMpumelelo Mseleku usevule icala kulandela ukuthi amaphoyisa ehlasele umuzi wakhe ngezinsolo ezingathi shu.
Iphephandaba Isolezwe libike ukuthi amaphoyisa abegasele emzini kaMpumelelo oseBallito izolo.Umthombo uthe amaphoyisa alinganiselwa ku-8 afike ebusuku, ethi avela ku-Crime Intelligence Unit kanye nehhovisi lesifundazwe.
Umbiko uqhuba uthi athe azosesha ngoba afuna impahla ethile nobufakazi obuhlobene nokushushumbiswa kwezimoto, izidakamizwa, ukushintshana kwemali okungekho emthethweni, kanye nezibhamu ezingenayo ilayisensi.
“Bangene ngenkani baphula iminyango. Bakhombise iwaranti yokusesha base bephanga indlu, kodwa abatholanga lutho,” kusho umthombo.
Ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi lamaphoyisa akusiwo awe-Crime Intelligence Unit, njengoba babeshilo nokuthi amanye awo bekungonogada.
Umthombo uqhube wathi kwawaranti ayivezile bekungumbombayi.
Umthombo udalule ukuthi lamaphoyisa mbumbulu antshontshe u-R30,000 athatha negobolondo lesibhamu elalingasebenzi.
Lapho ethintwa, uMpumelelo uqinisekisile lesi sigameko, kodwa wathumela intatheli kummeli wakhe, ethi icala selivuliwe nokuthi uhlose ukuthatha izinyathelo zomthetho.

