EzenkoloIzindaba

UBushiri usole amaphoyisa aphezulu ngobugebengu

SELIPHINDE lavela futhi igama likaGeneral Shadrack Sibiya ezinsolweni ezimbi zobugebengu.


Umphrofethi uShepherd Bushiri usole uGeneral Sibiya ngokuthi wayephakathi emizamweni yokuqeda icala lakhe.


“Ngikhumbula amanye amalungu ethimba lami eyohlangana noGeneral Sibiya. Kwaqoqwa imali eningi egameni laikaSibiyaukuze kumiswe leli cala,” kusho uBushiri.

Akagcinanga lapho uBushiri, uveze amagama abanye osigaxamabhande abaphezulu emaphoyiseni wathi nawo ayephakathi shiqe.


Uthe iningi imali ayikhipha ekhokha ethenjiswa ukuthi kuzoqedwa ngecala lakhe aphinde avikelwe.