Izindaba

Injabulo uMalema enikela ngumuzi kophila ngokukhubazeka

KUQHILIKA izihlathi konikelelwe umuzi omusha sha ephiwa yi-Economic Freedom Fighters (EFF).


USello Mamabolo uzolala anethezeke kusukela namuhla ngenxa yamandla nomusa awuthole ngemuva kokuzikhalela kumholi we-EFF uJulius Malema.


UMamabolo waseSeshego eLimpopo ophila nokukhubazeka nohamba ngesihlalo esinamasondo wakhala kuMalema ngezinkinga anazo zemuzi ezintangeni ezintathu ezidlule.


Namuhla uMalema, ufeze isithembiso emamukelisa umuzi omuhle ogcwele mfi impahla entsha.


Lo muzi uzokwazi ukumelana nezidingo zikaMamabolo kanti uzobuyisa nezithunzi kuyena.