Izindaba

Uzame ukuzibulala kusabalala ivideo bezitika ngocansi

UZAME ukuqeda ngempilo yakhe owesifazane ngenxa yokuthi owayeyisoka lakhe esabalalise imifanekiso yocansi ababelwenza phambilini.

Owesifazane waseThekwini (38)uzame lokhu kulandela ukuthi lomlisa ayethandana naye phambilini ethumele ivideo nezithombe zocansi endodaneni yakhe lowesifazane, kunina nakubantu abasebenza nabo

Ngokusho kwe-Reaction Unit South Africa (RUSA), amaphoyisa abizwe ngumndeni wesisulu ngemuva kokuba umsolwa (42) libonwe ngaphandle kwekhaya labo.

Kubikwa ukuthi le ndoda yacasulwa wukubona izithombe zesoka elisha lalowesifazne ku-WhatsApp status sakhe nokuvela ukuthi empeleni umngane wakhe.

Umsolwa usagcwele amathafa.