Igwetshwe udilikajele indoda yaseNquthu ngokudlwengula
INKANTOLO Yesifunda saseNqutu igwebe umlisa wendawo odilikajele kabili ngokudlwengula nokuzama ukudlwengula, kanye neminyaka emihlanu ngokuthumba
UZenzele Derrick Thwala (32), ugwetshwe kulandela ukuhlaselwa kwezelamani ezimbili ezineminyaka ewu-17 no-19 ngo- 2023.
Kuthiwa omdala wakwazi ukubaleka kwathi omncane wabanjwa wuThwala wamhudulela ensimini evulekile lapho azama khona ukumdlwengula kodwa waphazamiseka.
Wabe esemphoqa ukuba angene naye emzini othile nokuyilapho amdlwengula khona kwaze kwaba ngakusasa ekuseni.
Lo wesifazne wathila intuba yokubaleka esaphumile uThwala.
UThwala waboshwa futhi wavela enkantolo kaningana ngaphambi kokuba agwetshwe.

